Amaphoyisa asebophe abasolwa abayisishiyagalolunye ngamacala okukhokhisa abantu imali ngelithi bayabahada, ukubulala, ukuphanga kuhlonyiwe, izibhamu ezingekho emthethweni kanye nezidakamizwa. Konke lokhu kwenzeke izolo ngolwesibili, 15 October 2024.
Uphiko lwamaphoyisaangocwephesha ekuphenyeni nasekucubunguleni amacala abucayiagasele esakhiweni esisemgwaqeni obuzwa ngoGrundel eGlenmore, okuyindawo eseMbilo, eThekwini. Loluphenyo lube nezithelo ezinhle njengoba abakwasidlodlo bekwazile ukubopha abasolwa abayisishiyagalolunye, labasolwa maneminyaka elinganiselwa phakathi kweyi 19 kuya 40 ubudala.
Kulendawo kutholakale izibhamu ezimbili ezincane, nesikhulu, izinhlamvu eziyi 173 zezinhlobo ezehlukene zezibhamu kanye nezidakamizwa zenani elingadalulwanga. Labasolwa kukholakala ukuthi yibo abakhokhisa abantu imali abathi eyokubagada, ukubamba inkunzi kuhlonyiwe kanye nokushushumbisa izidakamizwa eThekwini.