UNQABE IBHEYILI OWABULALA 18 WABANTU ELUSIKISIKI.

Umlisa oboshwe ngokuyamaniswa necala lokuqotha imbokodo nesisekela emndenini emibili engomakhelwane eLusikisiki esifundazweni saseMpumalanga Kapa. USiphosoxolo Myekethe oneminyaka engamashumi amane nanhlanu(45) oyinqabile ibheyili ngesikhathi evela enkantolo ngecala lokubulala amalunga emndeni emibilili ayishumi nesishiyagalombili(18) eLusikisiki. Lomulisa kubikwa ukuthi bengaphandle ngoshwele nalapho wayeboshelwe khona ukubulala futhi.

Ubevela okokuqala enkantolo ukuzocela ibheyili, lapho ethweswe amacala okubulala abantu abayishumi nesishiyagalombili(18) kanye nokutholwa nesibhamu esingekho emthethweni sohlobo lwe AK 47. Wabanjwa esekhaya kubo endaweni yase Mthinde, engaphansi kweMamfengweni khona esiyingini saseLusikisiki. Waboshwa emva kophenyo olwenziwa lokudutshulwa kubulawe abantu mhlaka 28 September 2024, nalapho okwabulawa izihlobo ezingomakhelwane esgodini saseNgobozane eduze nedolobha laseLusikisiki. Kulesigamake kwashona abantu abayishumi nesishiyagalombili kwalimala abahlanu.

Ngesikhathi evela enkantolo ube esetshela inkosi enkantolo ukuthi ngeke esifake isicelo sebheyili, nakuba umshushisi besekubeke kwacaca ukuthi bazophikisana nokuthi lomlisa athole ibheyili. UMyekethe useke waboshwa kabili nalapho owabalekela ingalo yomthetho kanye nokubulala. Icala lihlehlele umhlaka 26 November 2024, ukuze kuqhubekwe nophenyo ngoba kusafunwa ozakwabo owayenza nabo lobelelesi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *