Kubukeka lingenzi neze kahle iRandi lakuleli ezimakethe zomhlaba ngoba nanamhlanje kuvalwe ezimakethe litshengisa ukuba buthaka uma siliqhathanisa neDola laseMelika. IRandi beluwu 17.5623 uma uliqhathanisa nedola elilodwa laseMelika. Igolide belibiza u2614.37 wamadola i- awnsi, kuthi iPlatinum ibiza 955,25 wamadola i-ownsi, Uwoyela ongahluziwe bubiza 77.14 wamadola umphongolo lokho okutshengisa ukwehla kancane kentengo kunayizolo. iRand kupondo waseBritain libiza 22.9867 beseliba 19.2457 kwiEuro.