Inhlangano elwela ukuhlukunyezwa kwabesifazane kuleli laseNingizimu Afrika ithi awumiswe umcimbi womculi waseMelika ozobe ekuleli ngoZibandlela kulonyaka. Lenhlangano okuyi Women for Change ithi leslomo somculi wezingoma ezipholile (R&B) nophine ebe umnqobi wendondo ebelulekile emhlabeni iGrammy, akumele eze kulelizwe ngoba ungumhlukumezi wabesifazane owaziwayo.
Lomcimbi kaChris Brown okumele ube senkundleni enkulu eGauteng nasezweni lonke ngomhlaka 14 no 15 kuZibandlela. Amathikithi alomcimbi asedayise aphela onke kuyimanje. Ngesonto elidlule lomculi ophinde ebe umdansi wamemezela ukuthi kade ekubheke ngabomvu ukubuyela eNingizimu Afrika eyocula khona izinsuku ezimbili zilandelana enkundleni iFNB ekwaNdongaziyaduma. Lokucula kukaChris Brown kuzobe kuqondene nomkhankaso olwisana nodlame olubhekiswe kubantu ngokobulili owaziwa nge16 Day of Activism Against Gender-Base Violence.
IWomen for Change ithi lomcimbi uyichilo kwizigidi zabantu besifazane kanye namantombazane ahlukimezekile eNingizimu Afrika nasemhlabeni uwonkana. Bangaphezulu kwezinkulungwane eziyishumi (10 000) abantu asebesayine isphakamiso sokuthu kumiswe umcimbi walomculi waseMelika oyintandokazi umhlaba wonke, lokhu bakwenze ezinkundleni zokuxhumana. Lomculi uzobe esebuya okwesibili kuleli ngoba wake wafika emnyakeni eyela eshumini eyedlule.
” UChris Brown uyaziwa nje ukuthi akabahloniphi abesifazane, ngoba enamacala amaningi okubahlukumeze. Ngonyaka ka2009 waboshwa ngecala lokushaya owayethandana naye ngalesoskhathi okunguRihanna nokwaduma umhlaba wonke ukuboshwa kwakhe ngaleso senzo. Ngaphandle kokuboshwa,kodwa indlela yakhe yokuziphatha iyakhathaza ngoba kunezinsolo eziningi zodlame akalubhekise kubantu besifazane, abaqondisi be ‘ Quiet on Set’ bamemezela Chris Brown ukuthi unomlando wodlame, kuzokhishwa isqephu kulenyanga esivezangodlame lwakhe.” kusho lenhlangano.