Impicabadala kushona izingane ezine emva kokuthi zidle amachipsnokukholwakala ukuthi benophoyizeni ni wokudla. Lesigameko senzeke eNaledi Extension, eSoweto, esifundazweni saseGauteng. Lezingane zilinganiselwa eminyakeni emihlanu kuya kweyisishiyagalolunye. Lengane yesihlanu kubikwa ukuthi isegumbini labagula kakhulu esibhedlela nayo edle into eyodwa nalezingane.
Okhulumela umnyango wezemfundo esifundazweni saseGauteng uSteve Mabona uthe zonke lezingane ezishonile bezifunda eKarabo Primary nase Khauhelo Primary School. “Ngokwemibiki esiyitholile umfana oneminyaka eyishombisa ubudala befunda ibanga lokuqala bese kuthi amantumbazane amabili aneminyaka eyisishiyagalombili bona bebefuna ibanga lesibili, lona omunye umfana oneminyaka eyisishiyagalolunye yena befunda ibanga lesithathu eKarabo Primary bonke laba bashone ngesonto lomhlaka 6 October 2024″Kubika okhulumela umyango wezemfundo eGauteng.