MININGI IMIBUZO ENGAKABI NAZIMPENDULO NGOKUSULA KUKAMCHUNU KWIANC

Loyo owake waba uNdunakulu wesikhombisa esifundazweni sakwaZulu-Natali waphinde wasebenza emnyangweni wezokuthutha nowobhekelela inhlalakahle yomnphakathi esifundazweni, useshiye abantu abaningi bakuleli nemibuzo yokuthi kazi yini unobangela wokuthi elaxaze iqembu leANC nokuthi ngobake esesulile kuleliqembu kazi iyiphi inhlangano yezepolitiki akazoya kuyo.

Ubaba Willies Mchunu owake waba usihlalo wamaKhomanisi (SACP) esifundazweni sakwaZulu-Natal oneminyaka engamashumi ayiskhombisa nesthupha 76 osebe ilunga lamaKhomanisi (SACP) iminyaka eminingi kanti ayaziwa amaKhoomanisi ngokuba amadlela ndawonye neqembu lakuleli elidala lomzabalazo iANC. ANC isizifakele isigcwagcwa kwabaningi bakuleli ngoba kuyaziwa ukuthi isingamadlela ndawonde nogxiwankulu ngoba ePhalamende yenza umbimbi namaqembu abamhlophe njengeDA neFF Plus. Lamaqembu awabamhlophe lokho kwenza abantu bakuleli abampisholo nabazabalaza bethi iANC uwudayisile umzabalazo ngaleGNU (Gorvment of National Unit).

Kuningike ukuqagela ngobaba uMchunu ngoba kukhona abathi ngoba esula nje kuKhongolose useyojoyina iqembu likababa uMsholozi okuyiMK Party. MK Party kulezinsuku ifaniswa nolwandle ngoba iqoqa lonke uhlobo lukasopolitiki njengoba abaningi sebesulile emaqembini abo bajoyina iqembu loMkhonto Wesizwe elisungulwe oweyenguMongameli wezwe kanye neANC umnumzane Jacob G Zuma nowaziwa kakhulu ngamava akhe ezepolitiki ezwena laseNingizimu Afrika. K

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *