Isahlalele ovalweni imindeni emibili eyizihlobo ngoba zingakabanjwa izigebengu ezafika ngeSabatha ezintathakusa ngezikhathi zehora lesibili ekuseni zafike zaqotha imbokodo nesisekela ngenhlamvu. Namanje akwaziwa isizathu esaholela ekutheni kubulawe umndeni ngesihluke kanje, babalelwa eshumini nesishiyagalombili (18) abashonile kulesigameko sokudutshulwa kwalemndeni owakwaSiqina nowakwaMata endaweni yaseNgobozana, eLusikisiki esifundazweni saseMpumalanga Koloni. Lomndeni buhlangene kanje ngoba bebelungiselela ukwenza umcimbi.
Kubikwa ukuthi abomndeni owodwa bayisishiyagalolunye abashonile kwathi laba abanye bebeyizihlobo zakhona ngokuganiselana nangokuzalana. Ngonyaka odlule kwabulawa ababili besifazane kuwo lomndeni. Ingane yomunye bisentabeni ilungisela ukubuya nalapho ethathwe khona amaphoyisa ayoyibeka endaweni ephephile ngoba akwaziwa ukuthi ababulali bahlelani njengoba bengakaboshwa.
Okhulumela umndeni uthi kuzoba nzima kubona ukuthi bebuyele kulendawo ngoba abazi ukuthi yini elandelayo ngoba nje umndeni wabo sebewubhubise bawuqeda. Okunzima kakhulu kubona ukuthi benzele umgcwabo kulendawo yaseNgobozana ngoba isiyingozi enkulu kubo. Uveze nokuthi kulaba abawu 18 ababulewe abayishumi nantathu babelele endlini eyodwa yakwaSinqina okungabesifazane abayishumi nambili kuthi oyedwa ngowesilisa. KwaMatu Khona bafica abayisithupha ngengane enzane nakhona kwabulawa abesifazane abathathu nabeslisa ababili ngoba omunye uThabiso Matu ugcine eshonele esbhedlela. Umntwana omncane watholakala ephila elele phezu kukamama wakhe eseshonile.
Umpathi wamaphoyisa esifundazweni uthe noma kungakaboshwa muntu okwamanje kodwa sebenawo umkhondo womuntu abamfunayo osolakalayo kulesenzo sobulwane esenziwe kuleyandawo.