INTAKA IBEKELWE AMAZOLO EMOSES MABHIDA KOWAMANQAMU EMTN TOP 8

Sekuphelile ukuqagela, ukucabangela nokufisa ukuthi kunqobe bani ngoba sekubalwa amahora ukuthi umdlalo wamanqamu eMTN Top 8 udlale. Lomdlalo ozoba phakathi kweqembu laseSoweto okuyi Orlando Pirates Fc edume ngokuthi ezikamaGebhula ezagebhula umhlaba kamasipala zawubhekisa phezulu, onokuyona eza kulomdlalo wamanqamu eMTN Top 8 njengezimfivilithi kulandela ukuyinqoba kwabo lendebe amahlandla elandelana kusuka ku2020, 2023 ngoba namanje bekwazile ukuzolwela ukuyivikela kowamanqumu, lapho bezobe betholane phezulu namafana baseKapa okuyiStellenboch Fc eyaziwa ngamaStellies nawo angagayelwa mphako kulezinsuku ngoba ababa njengopelepele.

Lomdlalo kulindeleke ukuthi uqale ngehora lesithupha ntambama ngeSabatha mhla5 kuMfumfu 2024, enkundleni kanobhutshuzwayo enkulu esifundazweni saKwaZulu-Natal, eseThekwini ebizwa ngeMoses Mabhida. Amathikithi alomdlalo adayisa isikhathi esincane kakhulu ngoba ashesha aphela kungakapheli ngisho amahora amahlanu kuvuliwe ukudayiswa kwawo. Lokho okwenza abantu baseThekwini baqhubeke nomlando wabo omuhle wokuthanda ezemidlalo nokuseka yonke imncintiswano elethwa kubo, ikakhulukazi ibhola likanobhutshuzwayo.

Ake sikukhumbuze ukuthi lamaqembu afike kanjani kumzuliswano wamanqamu endebe yeMTN Top 8 nokuyindebe ehlanganisa amaqembu ayisishiyagalombili asuke eqede ephezulu kwiLog. Ezimnyama okuyi Orlando Pirates Fc yavula lomncintiswano ngeqembu lasePitoli okuyiSupersport United ( amatsatsatsa asePitoli) nalapho badlala ngokulingana ngegoli elilodwa umuntu ngamunye, okwabaphoqa ukuthi bengene emzuzwini eyengeziwe nokwaholela ekuthini ezikamagebhula zifake amagoli amabili ngaphezulu zase zidlula ngamathathu kwelilodwa. Stellenboch Fc yona yavula ngeTS Galaxy FC nalapho eyaphumelela ngamagoli amathathu kwelilodwa.

Kuthe kowandulela amanqamu iOrlando Pirates Fc yavakasela eKapa lapho eyayiqhathwe khona neCape Town City Fc, nalapho eyafika yadlala ngokulingana ngegoli elilodwa kubo bobabili. Bathe sebebuyela esgodini sikamaminzela iOrlando Stadium yanqoma ngamagoli amabili eqandeni lokho okwayibeka kulomdlalo wamanqamu. Stellenboch Fc yona yavakashela iMamelodi Sundowns yafike yanqoba ngegoli elilodwa kwathi futhi iSundowns isibavakashele baphinda bayiqumba phansi ngegoli elilodwa futhi lokhoke kwabaholela ekutheni bedlulele kowamanqamu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *