UGWETSHWE ODILIKA JELE ABATHATHU NGOKUBULALA AMASOKA AKHE KANYE NENDODANA

Owesifazane ogama lakhe nguNcumisa Seleni ngonyaka ka2016 wathola ukuthi usehaqwe igciwane lesandulela ngculazi (HIV) nalapho akasola khona ukuthi uyithelelwe isoka lakhe elalingelokudabuka ezweni laseMalawi laziwa ngoMichael Changisa.

UNcumisa wabe esecela elinye isoka lakhe elalingelokudabuka ezweni laseZimbabwe igama lalo kungu Michael Phiri ukuthi limusize esoconge uChangisa nebala bambulala babe sebemuncwaba egcekeni lakubo kwakhe uNcumisa. Okuthe ngonyaka olandelayo(2017) uPhiri wabuya wazohlala nesinqandamathe sakhe kanye namadodana aso amabili (17 & 10 ubudala) kubo kwentombi.

Ekuhambeni kwesokhathi umnumzane Phiri waphenduka isidlubuladlwedlwe ehlukumeza uNcumisa nokwagcina uNcumisa esecela indodana yakhe endala ukuthi imsize bemubulale. Nebala bambulala bamncwaba phezu kwesidumbu sika Changisa khona lapho ngaphakathi egcekeni lakubo.

Ngonyaka ka2018 indodana kaNcumisa endala yangena ezidakamizweni nalapho eyaphenduka khona isigqila sezidakamizwa. Lokho kwayenza ukuthi isabise unina ngokudalula izimfihlo uma engayiniki imali,nalapho yayisiyifuna ngokweqile ngoba yayithi uma engayiniki izoya kwabakwasidlodlo ifike icule ukuthi kwenzakalana ngoPhiri. UNcumisa wakhetha ukuyivala umlomo ngokuthi eyibulale bese eyigcwaba emgodini owodwa lapho akafihla khona oChangisa benoPhiri.

Kuthe ngonyaka ka2020 indodana encane kaNcumisa yahlaselwa ukugula, okwabaholela ekutheni beyofuna usizo kumelaphi wendabuko ukuze bezothola ukuthi yini inkinga egulisa lomntwana. Ngeskhathi sokusizana ingane yaxoxela umelaphi yonke into eyenzeka kubo yokubulawa kwabantu abathathu begqitshwe egcekeni nalapho ingane yayisolwa ukuthi iguliswa imimoya yalabantu.

Umelaphi wendabuko akabanga esapholisa amaseko wavakashela esteshini samaphoyisa eyobika lendaba kaNcumisa nebala abuya amaphoyisa amathatha batholakala bonke ubufakazi. Ingakhoke egcine egwetshwe odilikajele abathathu ngesenzo sakhe.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *