Umnumzane Canaan Mdletshe,owayesekwe njengonobhala kolunye uhlangothi khona eqembini leNFP noyisikhulu esiphezulu kuleliqembu. UNgomane uke wasebenza njengesikhulumeli sikamama uZanele KaMagwaza-Msibi,oweyengusekela ngqongqoshe emnyangweni wezobucwepheshe kanye nesayensi ngeminyaka ka2014 naku 2019.
UMdletshe kadeke waba phambili eqembini leNational Freedom Party(NFP) kusukela kusungulwa leliqembu ngonyaka ka2011, ube esesula esikhundleni abekuso nalapho akakhale ngombimbi olwenziwe iqembu lakhe lokusebenza neDA kanye neANC. Nakathe lesinqumo esithathwe iqembu lakhe asihlangene nakancane nokusiza abantu besufundazwe saKwaZulu-Natal, kodwa ukuzicebisa nje kwezikhulu kuphela.
Encwadini akayibhalile uthe unembeza wakhe ngeke umvumele ukuba inxenye yeqembu labantu abafuna amandla nje kuphela futhi abangenandaba nokuthi abantu besifundazwe bafunani. Ngoba izenzo zabantu bakwaZulu Natal zikucacise ngokusobala evotini labo ukuthi bakhathele uANC, ukwehla kwevoti layo kukhuluma yonke into ngokungadingeki kwaleliqembu esfundazweni.
Ngalokho kukonke uthe ngeke ebe inxeye yezenzo zabaphangi abagaqele amandle phezu kwabantu abavotile baveza ukuthi bona bafuna ukuphathwa ubani. Uthe yena akakaze abe umdayisi futhi namanje ngeke edayise abantu bezwe laseNingizimu Afrika ngoba enzela ukuthola iskhundla.