kubasolwa abafunwa uthuli uphiko lwamaphoyisa oluphenya amacala abucayi elaziwa ngoklebe(hawks),sekubanjwe kwaboshwa abayisikhombisa kulelo thimba. Labasolwa babandakanyeka emacaleni okukhwabanisa kwa Sars imali elinganiselwa ezigidini eziyisithupha zamarandi (R6 Million).
Labasolwa baboshwe ziyi6 kuya kwi7 June 2024,kulandela ukulandelwa iskhathi eside. Laba ababoshiwe abayisikhombisa abane kubo ngabesifazane kanti abathathu abesilisa futhi abanye babo bebesenza khona,kanti abanye basasebenza khona eSouth African Revenue Service ( SARS),baboshwe ezindaweni ezihlukene ngoba abanye batholakale eLimpopo, Gauteng, Free State, kanye naseMpumalanga Koloni. Labasolwa kulindeleke ukuthi bavele enkantolo kaMantshi iLadybrand ngoMsombuluko, 10 June 2024, ngamacala okukhwabanisa,ukushushumbisa imali,ukugxabhukela emthethweni wentela oyi Tax Administration Act 28 of 2011, nokuphula ngokugxambukela ku Customs and Excise Act 91 of 1964 kanye nokuphula umthetho Prevention of Organised Crime Act 121 of 1998.
Kukhona ababili abangakaboshwa okwamanje kodwa amaphoyisa athe azobathola kungekudala. USars ukuqinisekisele ukuthi abahlanu kulaba ababoshiwe abebengabasebenzi bakhona bayiswa ekomidini lokuqondiswa kwezigwegwe balahlwa amacala bakhonjwa indlela. Kwathi ababili bazisulele kulandela ukuthi bebenecala kulindeleke ukuthi bevele ekomidini lokuqondiswa kwegwegwe emsebenzini. Oyedwa wabasolwa yena wathola incwadi yesexwayiso khona emsebenzini kwathi laba ababili balaba abayisishiyagalolunye basahamba uhlelo lokuqondiswa kwegwegwe.