LISINDE NGOKULAMBISA IPHOYISA EBELISENDAWENI LAPHO KUDUNWA KHONA IMOTO YEMALI.

Namhlanje,06 June 2024,ngezikhathi zasekuseni phakathi kwehora lesihlanu kuya kwelesithupha emgwaqeni owuthelawayeka owaziwa ngo N2 Highway eNyakatho yeTheku, eduze komgwaqo ophumela kwaMashu. Kubanjwe kwadunwa imoto ethwala imali yakwaFidelity. Leliphoyisa belisemgwaqeni liphuthuma emsebenzini nalapho izigebengu zidedele intululwane yezinhlamvu zizama ukulishaya kodwa lasinda.

Inqwaba yenzinsizwa ezingaziwa, nalapho bezihamba khona ngezimoto eziningi ezahlukahlukene nebezigaqele imoto ethutha imali, okuthe kungalindele muntu zadedela izulu lezandla zibhekise emotweni yabakwasidlodlo kodwa ebingenayo imibala nemibhalo yamaphoyisa, lemoto bilandela imoto ethwala imali.

Leliphoyisa elihlangane nezimbila zithutha belibheke emsebenzini ngoba beliyongena ekuseni eNanda nalapho beligqoke isivikela nhlamvu, nalo libe selivulela ngenhlamvu libhekise kubasolwa nalapho kuvuleke intuba yokuthi lphuphume emotweni lithole indawo yokucasha ephephile. Likwazile ukuthi livimbe ezinye izimoto ebezisaya kulomshikashika obusuvale umgwaqo wonke ngoba bebengazi ukuthi sekonakele phambili. Lezigebengu zikwazile ukuvula imoto yemali zashaya zachitha nesamba semali esingakadalulwa kuze kube imanje.

Onogada abebegade imoto yokuthutha imali basale benganamyocu kulesigameko nakubake bethathelwe izibhamu zabo,kanti bebephethe nezibhamu ezinkulu. Noma ubanike ongaba nolwazi ukuthi labasolwa bahlalaphi noma lapho abacashele khona akafonele amaphoyisa aseduze kwakhe noma efonele inombolo yokuqeda ubugebengu ku 08600 10111.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *