KUBOSHWE UNKOSIKAZI NGEMUVA KOKUDUBULA ABULALE UMYENI WAKHE.

Amaphoyisa aseDennilton,esesifundeni iSekhukhune esifundazweni saseLimpopo abophe owesifazene oneminyaka engamashumi amathathu nantathu (33) obudala ngemuva kokudubula ebulale umkhwenyana wakhe. Lesgameko senzeke esgodini esibizwa ngeSlansdoom ngoMsombuluko, 27 May 2024 ngezikhathi zehora lesthupha, nalapho ababe nokuxabana bememezana okugcine ngokudubulana

Ngokwemithombo ethembekile, ithe loludlame lokukwebhana kwalabashadikazi luqale ngeskhathi unkosikazi kamufi ethola ukuthi umkhwenyana wakhe unesancinza akahlekisana nasokhona kulesakhiwo abaqashe kuso. Lokho kumenze wagana unwabu owesmame. Obe esephuthuma ethatha isibhamu somkhwenyana wakhe esisemthethweni nalapho akaqale khona wadubula ebhekise kumyeni wakhe nalapho ubezama ukubaleka. Ngebhadi likamkhwenyana oneminyaka engamashumi amathathu nambili ubudala ube esedubuleka wawa waqulekala emgwaqeni nalapho akagcine ngokushona.

Amaphoyisa kanye nebezempilo bathe mebefika endaweni yesigameko bafica lo wesilisa ongumgilwa elele edamini legazi nalapho okuqinisekiswe khona ukuthi uselandulele leli elimagade ahlabayo. Kukholwakala ukuthi lesbhamu sayo lendoda bisisebenzisa ezigamekweni zobugebengu, sibe sesithathwa lapho ukuze kuqhubekwe nophenyo. Uphenyo lwamaphoyisa luveze ukuthi bobabili labashadikazi badabuka esifundazweni saKwaZulu-Natal,into ebalethe eLimpopo umsebenzi ngoba bobabili bengothisha ezikolweni ezihlukene khona eDennilton.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *