OBENGAPHANDLE NGEBHEYILI UDUTSHULWE AMAPHOYISA WASHONA EMVA KOKUTHUMBA INKINSELA YASE BENONI.

Lesgebengu sendoda besingaphandle ngebheyili emva kokuboshelwa amacala angamashumi amabili nesishiyagalolunye (29) okutshotsha,nokuduna izimoto nawokukhwabanisa. Abakwasidlodlo bamthele phansi ngezulu lezandla yaphangalala kanjalo. Uphiko lwamaphoyisa agada abathumbi emgwaqeni uN12 phakathi kweKlipriver kanye neXavier uma ungenela eGoli.

Uphiko oluphezulu lwabaphenyi kanye nongoti ekulweni nobugebengu behlangene nezinkampani zonogada ezizimele balandele umkhondo walomsolwa obeyamaniswa nokuthunjwa kosomabhizinisi waseBenoni, uShamshudeen Faki. Losomabhizinisi oneminyaka engamashumi ayisithupha nesishiyagalombili ubudala (68) wathunjwa endaweni yakhe yomsebenzi ngeSabatha,11 May 2024.

Kubikwa ukuthi lemgulukudu isihlomule ngemali engakadalulwa okwamanje kodwa ilinganisela ezigidini zamarandi eyithole emndenini kasomabhizinisi . Kube sekutholakala ukuthi losomabhizinisi naye uselishiyile leli elimagade ahlabayo emva kokuthi bemvalele endaweni yabo abafihla kuyo abagilwa.

Umzimba kasomabhizinisi utholwe ulahliwe eDalpark, khona eGoli nalapho utholwe khona abathungathi abaziwa ngeCPF, abangazange bapholisa abaseko bavele bawuhlaba bawulawula kwabakwasidlodlo ngoMsombuluko, 13 May 2024. Ithimba lamaphoyisa liqhubekile nokuthungatha umkhondo wezigebengu nokuthe izolo ngoLwesibili ebusuku kwaba nokudubulana phakathi kwamaphoyisa nezigebengu emgwaqeni uN12.

Lomsolwa odutshuliwe utholakale ephethe umazisi kamnumzane uFaki,ilambu elibuhlaza lamaphoyisa nepleti lezinombolo zemoto elasetshenziswa mhla bezothumba losomabhizinisi, izibhamu ezimbili okuhlanganisa esincane nesikhulu.

Kube sekuvela ukuthi lomlisa uye lona obeboshiwe ngenxanxathela yamacala okutshontsha izimoto kanye nokuduna izimoto lapho besehlonjwe njengomuntu ofunakalayo kakhulu emthethweni.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *