Uklabhe wabulala umngani wakhe abekade ephuza naye utshwala. Lesgameko senzeke emijondolo yaseRiyadh, eseVerulam okuyidolobha elisenyakatho yeTheku esifundazweni saKwaZulu-Natal. Lomlisa obulawe yilensizwa ulinganiselwa eminyakeni engamashumi amathathu ubudala.
Lesgameko senzeke izolo ngeSabatha, 12 May 2024,ngezikhathi zehora lesithupha kusihlwa. Umphakathi ubike ngomuntu oseshayiwe walala kabuhlungu ezimobeni lapho abeselahlwe khona, okuthe mabefika abomthetho nezimo eziphuthumayo bamthola ukuthi useyabanda. Kanti umzimba wakhe wonke bugcwele amanxeba okugawulwa kanzima
Ngokwemibiko yabantu abahlala kulendawo nokungomakhwelwane balezinsizwa, bathi lezinsizwa beziphuza ndawonye njengabangani nalapho kuqale khona ukuxabana base bephendulana ngamagama aziswani. Nokuthe lomlisa osolwa ngokubulala uhambe waya endlini yakhe wabuya nocelemba yafike wagenca lomngani wakhe waze wambulala khona lapho endaweni yesigameko.
Kuboshwe umlisa oyedwa lona obonakele emgenca nongumngani wakhe, abebekade bephuza ndawonye. Akukaziwake ukuthi uzovela nine enkantolo kodwa abomthetho basazoqhubeka nophenyo olunzulu.