ABEBEBHEKELWA UKWEBA INYAMA BATHOLAKALE NENQWABA YAMACALA.

Amaphoyisa aseKapa aziwa ngeCape Town K9 Units athole umkhondo owaholele ekutheni egcine ebophe abasolwa abayisithupha ngamacala amaningi ahlukahlukene singabala ukungena endaweni eyisakhiyo ngodli. Lesigameko senzeke ngeSonto izinsuku ziyishumi kuNdasa 2024.

Laba bakwasidlodlo balunywe indlebe umuntu thizeni ngeloli ebelithwele inyama elidunwe emgwaqeni uthelawayeka owaziwa ngoN7 eDu Noon base belandela lowomkhondo. Ngokwemibiko kuthiwa lezigebengu bezisebenzisa amalambu abuhlaza emotweni yakwaVolkswagen abebehamba ngayo bezenza abomthetho nalapho abamise khona iloli kanti sebeyaliduna lomthwalo wenyama obuse lolini ulinganiselwa kwintengo engangesigidi samarandi(R1 million).

Lezigebengu kulindeleke ukuthi zivele enkantolo kaMantshi eCape Town,uma amacala azo esevuliww wonke. Kulindeleke ukuthi bevulelwe amacala ahlukene elokungena endaweni yomuntu ngokungemthetho, ukuzenza iphoyisa ungelona,ukutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni, ukuduna iloli kanye nokweba imnyama ebiselolini.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *