Amaphoyisa aseChatsworth abehamba ebheka endaweni yakhona eChatsworth ukuthi akekho yini oyisaphulamthetho,nalapho athuke esezithela kwinsizwa eneminyaka engamashumi amabili nanhlanu ubudala,ebiphethe isbhamu esiyilahle kanti nenamba yaso siyaxikizwa yasuswa. Amaphoyisa abebheka izigebengu abeme kwindindiliza eseR K Khan lapho bebheka umuntu odlula khona bese osolisayo bebemumisa bamukhuthuze. Kulolophenyo amaphoyisa akhuthuze umlisa obesolosa nalapho bethole khona lesibhamu esingekho emthethweni. Lesibhamu sithathiwe ukuyohlolwa ukuthi sesabulala abangaki futhi ukuph la esake sasetshenziswa khona.
Namhlanje ngomsombuluko ziyi11 kuNdasa 2024,lomsolwa kulindeleke ukuthi evele enkantolo kaMantshi eChatsworth ngamacala ahlanganisa elokutholakala nesbhamu esingekho emthethweni nokuhloma ungenamvume yalokho. Kulempelasonta esibuya kuyo bethelwe ngezibonkolo amaphoyisa aseChatsworth ngoba aphinde ahambela ezopotini ukuyofuna amaphepha abagunyaza ukuthi bedayise utshwala nalapho bagcine sebebopha itshwala obuningi ababuthathile. Kukhona nabanyeke abatholakale nezidakamizwa nabo bakhalelwe amasongo kasgonyela.
Umphathi wamaphoyisa osabambile esteshini sakhona uCommander Colonel Poolandran Moodley uwasheyele elikhulu ihlombe amaphoyisa asesteshini saseChatsworth ngokusebenza ngokukhulu ukuzikhandla ukuzama ukuqeda ubugebengu obudla lubi kuleya ndawo. Uphinde wakhuthaza umphakathi ukuthi uzibike izigameko zobugebengo ozibonayo endaweni.