Uvele EnkAntolo Unobhala weANC esefundeni saseThekwini Kanye Nonogada Bakhe.

Namuhlanje akubanga ilanga elihle kuSihlalo weANC esifundeni seThekhu ngoba uthuke esekhalelwa amasongo kasgonyela. Umnumzane Musa Nciki ongunobhala kaKhongolose kanye nonogada wakhe uIvan Khona bavele enkantolo khona namhlanje emva kokuthi beboshwe bobabili. Enye insizwa nayo engunogada kaNciki ivele kwenye inkantolo ehlukile kunalena ebivele uNciki kodwa ngecala elilodwa ababoshelwe lona.

UNciki uboshwe ngamaphoyisa omgwaqo ngokutholakala eshayela kabi emgwaqeni futhi ebudedengu nalapho abehamba khona ngemoto ebingenazo izimpepha zokuba semugwaqeni. Imoto abehamba ngayo yohlobo lweFord Ranger athe amaphoyisa bingenalo ipleti lezinimbolo,lapho bindiza ngesivinini esiphezulu, lokho okubeke ezinye izimoto encupheni ebezihamba emgwaqeni ngoba icishe yashayisa imoto yamaphoyisa.

NgoZibandlela nyakenye amaphoyisa akwaZulu Natali amemezela ukuthi bazobathathela izinyathelo ezinqala abashayeli bezimito ezingenalo ipleti lezinombolo ngaphambili nangemuva. Lonogada wesibili obekwenye inkantolo yena uthole ibheyili yezinkulungwane ezinhlanu zamarandi (R5000), Yena uthweswe icala lokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni. Kulesigameko amaphoyisa athethe izibhamu eziyisithupha okungezincane ezine kanye nezinkulu ezimbili.

Inhlangano yakhe umusa okunguKhongolose uzwakalise izakaya lawo lapho kukhulume khona isikhulumeli sesifunda iThekwini sithi babona eqineselwe kakhulu isandla usihlalo wabo kanti akonanga kakhulu ukushaya irobhothi nje kuphela.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *