Amaphoyisa aseNtshonalanga Koloni aphenya ngobugebengu bezentengiso (Commercial Crime Investigation Unit) umkhankaso wokuzingela izigebengu ezinamacala noma ezivulelwe amacala aceshe esondele kuloluhlobo lobugebengu,okuthe ngoLwesibili, 05 kuNdasa 2024 babamba isigebengu esidabuka ezweni laseNigeria esineminyaka engamashumi amane nambili (42).
Lomlisa wavulela icala ngowesifazane onobuzwe baseCanada owavula icala lokuqolwa ngothando (romance scam) ngonyaka ka2022 nalapho akaveza khona ukuthi lomlisa bahlangana naye ezinkundleni zokuxhumana ezibiza ngoRaymond Butler. Lomlisa waqala ngokuba umngani kulo wesifazane base beyaxoxa khona lapho enkundleni yokuxhumana ejwayelekile futhi edumile,okuthe ukuhamba kwesikhathi banikana izinamba baxoxa ngokuyimfihlo manje. Lobudlelwano babo obukwezokuxhumana kwakhula ngesikhulu isivinini nalapho lo wesilisa owafika namacebo okutshala izimali alula nanenzuzo enkulu,lokho okwagcina kuluthe umgilwa wafaka izigidi ezingamashumi amabili nane wamarand ( R24 million) ngoba ethi uzomtshalela imali yakhe emazweni angaphesheya.
Iphoyisa eliwumseshi kulelicala likhulume konke lokhu ngeskhathi libopha lomlisa oneminyaka engamashumi amane nambili (42) ubudala ongowokudabuka ezweni laseNigeria,okhalelwe amasongo kasgonyela endaweni ebizwa ngeCharing Crescent,eseParklands eTable View okuyindawo yomtakabani.
Lomsolwa kulindeleke ukuthi evele enkantolo kaMantshi eCape Town uma esevulelwe amacala okukhwabanisa. Kube sekuxwayiswa abesifazane ukuthi behlale begadile abantu abeza kubo ngothando lobuqola. Kuthiwa lezigebengu uma sezikutholile zikuthembisa izulu nomhlaba ziphinde ziveze uthando ongakaze ulubone impela bakukhotha phansi njengoshukela kanti bathi lala lulaza sizokwengula kungekudala.