Ngomhla zi03 kuNdasa 2024 ngehora lesithupha abakwasidlodlo bathola umbiko wokubulawa kwenqwaba yamalunga omndeni owodwa endaweni yasoLundi esgodini iDumaneni. Athe mefika kulomuzi lapho kwenzeke khona lenhlekelele, amaphoyisa atshelwe ukuthi kungene amadoda amathathu abehlome eyizingovolo nathe uma engaphakathi emagcekeni alomuzi avulela ngenhlamvu kumalunga alomndeni.
Amalunga amane alomndeni oshone ngaso lesoskhathi sokudutshulwa kwathi lo wesihlanu washona esendleleni ephuthunyiswa esibhedlela. Kuvulwe amacala amahlanu okubulala kwabe sekuqala uphenyo lweziwa amaphoyisa aSondini. Idokodo libeselidliliselwa phambili ethimbeni lesifundazwe eliphenya ngobugebengu obuhleliwe (Provincial Organised Crime Unit) ukuthi kube yilo eliqhubeka nophenyo. Kwabadutshuliwe badlula emhlabeni ubaba wakhona Mandlenkosi Mayise (66),Delisile Mayise (63), Phemile Mayise(36), Bongathini Mayise (34) kanye noPhindile Mayise (29).
Ngolwesibili ntambama uphiko lwamaphoyisa olungenelelayo ezweni lonke uma kunecala elibucayi (National Intervention Unit) lulandele umkhondo mayelana nalezinkabi eziqothe umndeni oLundi. Lowomkhondo ebebewulandela uze wabafaka endaweni iNcanyini,ekwaYanguye kwelaseMelmoth. Okuthe uma amaphoyisa esondela kulomuzi, kwaphuma izinsizwa ezimbili endlini karondo ebezihlomile,nezingapholisanga maseko ngoba zidubule zabhekisa emaphoyiseni nawo amaphoyisa aphendula ngeskhafula mlilo. Lamadoda amabili ashonele khona lapho emva kokudubulana nabakwasidlodlo. Lezinkabi kukholakala ukuthi iminyaka yazo ilinganiselwa emashumini amathathu.
Amaphoyisa abe esethola isibhamu esincane kanye nesikhulu, nenqwaba yezinhlamvu kanye nomagazini ukungokwalamadoda abeseshonile. Abe eseqhubeka nophenyo amaphoyisa angena endlini karondo lapho ethole khona omakhalekhukhwini abane kanye nomagazini abane bezibhamu ezimfishane. Beqhubeka bepetulula kulendlu baphinde bathola nesinye isibhambu esiwuqhwasha,kanye nezinye izingxenye zezibhamu ezihlakazekile. Zonke lezibhamu ezitholakele zisaziya kohlolwa ukuth sezabulala abangaki. Lesigameko sokudubulana sibikiwe kuphiko oluphenya amaphoyisa (IPID) ukuthi nalo lwenze olawo uphenyo.