Emdlalweni obukhona ngempela sonto, umdlali ogqamile weqembu iReal Madrid, uJude Bellingham unikezwe isigwebo sokumiswa imidlalo emibili yeLigi engadlali,lapho iziphathi mandla bezicubungula ukuthola kwakhe ikhadi elibomvu emdlalweni abawudlala ngokulingana ngamagoli amabili neqembu iValencia. Lesinqumo samangaza abathandi bebhola abaningi emhlabeni wonke jikelele,nabalandeli babezisholo okwabo kanye nabahlaziyi behlaziya ngokwabo.
Lesidumo esenzeka zibambene kuwongaphansi ongaphezulu engekho ofuna ukugoba phakathi kweReal Madrid kanye neValencia,lapho imimoya yayiphezulu kubo bonke abadlali enkundleni. UBellingham nowaziwa njengomdlali osemncane onamava futhi ozimimisela kakhulu uma esenkundleni,wazithola esemdibi kwinxabano eyenzeka enkundleni nalapho owenza okungalungile kubaphathi bomdlalo. Lokho kwamholela ekutheni athole ikhadi elibomvu,okwadala ukuthi ephume eshiye iqembu lakhe litabalasa kanzima lingasaphelele.
Emva kwabaphathi bebhola eSpain becubungule konke okwakwenzeka kulomdlalo nangokubheka ukuthi ikhadi belimfanele yini lomdlali. Bavumelane ngazwi linye ukuthi lomdlali akaziphathanga neze kahle ngakho isijezo sekhadi sisazoqhubeka sime. Lesinqumo siphume ngesikhathi esinzima iqembu lakhe lizabalazela ukuhlala phezulu esongweni seLigi.