Uphiko lwabaseshi bamacala asezingeni eliphezulu noma abucayi lubophe abalisa abathathu (3) ngezinsolo zokuphatha budlabha imali kahulumeni,ukukhwabanisa, kanye nokushushumbisa imali. Leliqembu eliboshiwe liholwa izikhulu zakhona ezimbili (2) omunye uneminyaka engamashumi amahlanu (50) kanti omunye unemnyaka engamashumi amahlanu nanhlanu (55) ababoshelwe lapho besebenza khona ekuseni namhlanje ngoLwesithathu,06 kuNdasa 2024.
Umsolwa wesithathu ongowesifazane oneminyaka engamashumi ayisithupha nanye (61),naye owayesebenza khona njengesikhulu esiphezulu kulomnyango waseNorthern Cape Department of Sport,Art and Culture uzilethe yena emaphoyiseni khona namhlanje ekuseni wase ehlelelwa ukuthi evele enkantolo.
Abasolwa baboshwe ngokuphathelene nendaba yokuphatha budlabha izimali zomnyango,ukukhwabanisa kanye nokushushumbisa imali. Lokho kwenzeka emva kokuthi umnyango weZemidlalo,Ubuciko kanye naMasiko lapho umnyango wakhokhela ngephutha umuntu owayesebenzisana nomnyango ngaphandle kokuthi lomuntu enze umsebenzi emnyangweni.
Lenkokhelo kwakumele ikhokhele umcimbi wentsha owawaziwa ngoMsobombu Youth Festival okwakuhlelelwe ukuthi ubeseColesberg ngoZibandlela 2016, nalowomcimbi wagcina ungenzekanga nhlobo. Umnyango walahlekelwa imali elinganisela kwisigidi samarandi (R1million). Omunye umsolwa kulelicala umnikazi wenkampani eyahlomula kanye nomqondisi wayo leyonkampani nabo asebeboshwa, kulindeleke ukuthi amacala abo abuyekezwe ukuze ezokwandwa.
Bonke labasolwa ababoshiwe ngalenkohlakalo abayenza eMnyangweni kulindeleke ukuthi bevele khona namhlanje ngoLwesithathu,06 kuNdasa 2024, enkantolo kaMantshi waseKimberley, ukuze bezofaka izicelo zebheyili emacaleni abathweswe wona.