UVuyo Zungula ongumholi weqembu lezombangazwe iAfrican Transformation Movement (ATM) usethathe igxathu elibanzi ngokungahambisani nodlame nokusatshiswa okubhekiswe kubanikazi bezitolo abamnyama baseNingizimu Afrika oluvela kwabokufika baseTopiya abadume ngoMyfriend okuthiwa basebenzisa abantu ukusoconga abanikazi bezitolo. Lencwadi ebhalwe ilo mholi uyibhekise kuNgqongqoshe wamaphoyisa kanye noNgqongqoshe wezokuphepha kwezwe,uZungula ukhala ngokukhula kokungaphephi kwabanikazi bezitolo okungabengabadi kuleli ngenxa yalaba bokufika abanezitolo emalokishini.
Lenkinga yodlame phakathi kwabanikazi bezitolo bakuleli nalaba bokufika kade yaba khona nomake inganakiwe,okugcina kuba nemiphumela emibi kulabo abasuke besondelene naloludaba. Lento uma abezitolo bethi bayayilungisa kuvela ukuthi bacwasa abanye ngokobuzwe kanti bona abokufika abanikazi bezitolo bahlomile balindele ukulwa noma inini laba abasuka emazweni. Kugcina sekulimala abantu endaweni abanye bayalahlekelwa ngisho yizimpilo zabo ngalesimo.
Zungula encwadini yakhe unxenxa iziphathimandla zikahulumeni ezifaneleyo ukuba zingenelele ngokushesha ukubhekana nalenxabano ekhona kulezinhlaka. Ukuqinisekisile ukuthi mele kutholake isisombululo esizosiza ukulwa nodlame olubhekiswe kubaninizitolo bakulelizwe,ikakhukazi ezindaweni ezisemalokishini lapho okwenzeka khona lobudlobongela.
Eqhubeka uZungula uthe kumele kuqiniswe kakhulu ezokuphepha kanti nomthetho udlale indawo yawo ukuze bonke abasebenza emalokishini behlale bephephile ikakhukazi laba baseNingizimu Afrika abanezitolo. Uthe kumele kube nezindlela eziphuthumayo zokunqanda loludlame olubhekiswe kubantu bakulelizwe.