Umcimbi obuhleliwe weqembu loMkhonto weSizwe Party (MKP) eMlazi awuhambanga kahle kulandelwa ukusocongwa kwelunga layo. UVusimuzi “Blesser”Ntuli obenemingaka engamashumi amane nesishiyagalombili 48 ubudlala udutshulwe wabulawa eTehuis okuyihostela eliseMlazi. Lokho osekufake uhlevane emphakathini ngoba kubukeka sensation lesigameko simataniswa nezimpi zezepolitiki nokungaba ubungozi bokudala udlame esifundazweni.
Ngokwamaphoyisa asesifundazweni iKwaZulu-Natal,esgcemeni saseMlazi, athi seluqalile uphenyo mayelana nembangela yokubulala,lesgameko senzeke ngeSabatha kuNdasa zimbili ku2024. Okhulumela abakwasidlodlo uThenjiwe Ngcobo uk8qinisek8le ukuthi kuvulwe icala lokubulala futhi abaseshi benza konke okusemandleni ukuthola umbulali benjalo bahogela yonke imikhondo engabaholela ukuthola umuntu othintekayo ngokushona kukaNtuli.
UNtuli uyamaniswa nokuba yilunga leMKP, nekhinhlangano evulwe ngamasosha omzabalazo wokukhulula lelizwe kudala,ingakhoke lokushona kwakhe kuyamaniswa nezombangazwe. IMKP yakhiwe ngaphansi kwesisekelo samaasosha eANC, kudala ngezikhathi zobandlululo ayelwela inkululeko yalelizwe. Nomake ubandlululo selwaphela kodwa kusekhona labo abakholelwa ukuthi umuntu omnyama akakakhululeki ngoba yibo abagcwele emjondolo,emapayipini nasemakhaya bengasebinzi,manje lenhlangano iqhamuka lapho ithi izabelazela inkululeko yomuntu ontulayo.
Lelihostela laseTehuis laziwa kakhulu kwipolitiki ngoba kunamaqembu okwaziwayo ukuthi yiwo alawula khona omunye umunt kumele engafiki nokwakhe nalokho okugcina sekudale udlame emphakathini yaseMlazi. Lelihostela laziwa kakhulu ngezigxabano zepolitiki kanye nokulwa nokusukumela noma yini engabaphethe kahle ukuze ilungiswe.