PAUL POGBA UMISIWE EBHOLENI IMINYAKA EMINE EMVA KOKUTHOLAKALA NESIKHUTHAZI ESINGAVUMELEKILE EGAZINI LAKHE.

Umdlali weqembu lebhola elikhuli eItaly okuyiJuventus,ongowokudabuka ezweni laseFrance,lapho akadlala khona esiswini ogama lakhe nguPaul Pogba oneminyaka engamashumi amathathu 30 ubudala. Wahlolwa mhla 20 kuNcwaba emva komdlalo wokuqala weqembu lakhe iJuventus livula isizini.

Lomdlali oke wagijima eqenjini lebhola laseNgilandi iManchester United wamiswa ngoMandulo emva kokutholakala ukuthi izidakamizwa ziphezulu emzimbeni wakhe. Umphathi walomdlali uthe uzosidlulisela phambili isinqumbo senhlangano ehlola abadlali izidakamizwa egazini kwelamaNtaliyane okuyi Italy’s Nationali Anti-Doping Tribunal’s(Nado).

Lomdlali akaphumelelanga ekuhlolweni izidakamizwa okwesibili lapho iNado ithi yaphinda yalihlola igazi okwesibili enyangeni kaMfumfu,nokwilapho lenhlangano iphakamise ukuthi akamiswe iminyaka emine. Lesinqumo sichaza ukuthi uPogba useyoze ekwazi ukudlala ibhola ngonyaka ka2027, lapho uyobe eseneminyaka engamashumi amathathu nantathu 33 ubudala,ngoba isigwebo siqaliswe lapho ehlolwa khona okokuqala ngonyaka odlule.

Uma sibheka isimo somdlali uthi wathatha lezikhuthazi ngoba wayengenalo ulwazi ukuthi azidingeki kubadlali. Mzukwana eqala ukumiswa ongumphathi wakhe lomdlali, uRafaela Pimenta,wathi”Angikwaziyo mina ukuth uPogba akakaze nje efune ukuphula umthetho”

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *