AMAPHOYISA ASEMTSHEZI ASEDUBULE ABULALA AMADODA AMANE ABEBAMBA IMOTO YEMALI.

Impicabadala yenhlekelele yokubanjwa kwemoto yemali,ishiye abasolwa abane bephangalele khona esgamekweni sokudunwa kwemali eMtshezi,kwaZulu-Natal. Amaphoyisa abikelwe ukuthi labasolwa bafake iziqhumane emotweni yemali kuHosital Hill, emva kokuthi kudutshule amaphoyisa omgwaqo amabili ngezikhathi zasekuseni namhlanje.

Lengozi yalabantu ishiye abantu abaningi endaweni bebambe ongezansi ngalesigameko,nakubake abomthebesheshe baqhamuka baphendula ngokukhulu ukushesha ezigebengwini ebezihlome ziyizingovolo nalapho abathe bebona abakwasidlodle badubula ngenhloso yokubulala amaphoyisa nalaphoke amaphoyisa esebenze ngamandla ukubadubula bonke basala enkundleni.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *