KUSHONE IZELAMANI EZIMBILI KUDUTSHULWANA IZOLO EBUSUKU EMATSHWALENI.

Kushone izelamani ezimbili ezineminyaka elinganiselwa emashumini amabili nanhlanu omunye enamashimi amathathu kubikwa ukuthi badutshuliwe bashonela khona lapho kwathi ababili badubuleka kabuhlungo okuyimanje balwela impilo yabo esibhedlela,okungowesifazane oneminyaka engamashumi amathathu nanhlanu nowesilisa onamashumi amabili nesishiyagalolunye.

Lesigameko sokudubulana kwenzeke endaweni katshwala iMantangaleni trust,eseCalcutta izolo ebusuku bangoLwesihlanu 23 kuNhlolanja 2024 ngezikhathi zo 23:40. Ngokwemibiko etholakele, kuthiwa umsolwa ongaziwa uvele waqonda labantu wabaqhulula ngemvula yezinhlamvu. Umsolwa emva kokubabulala laba ube esethatha isibhamu komunye umufi wabe esekhala amaphepha.

Athe mefika amaphoyisa kulesigameko afica oyedwa kulaba abashonile elele eduze kwesondo lemoto yake, abathe mebeqhubeka beqalaza bathola umunye ethe qekelele naye eseshonile. Lapho batholakale nenqwaba yezinhlamvu ebezigcwele umzimba nalapho bahlonzwe njengabantu abashonele endaweni yesigameko ngokusho komcwaningi wezidumbu.

Laba abanye abadutshuliwe lo owesifazane bedutshulwe ethangeni,kanti lona owesilisa yena odubuleke ezindaweni ezingasenhla emzimbeni wakhe. Babe sebephuthunyiswa bobabili esibhedlela esiseduze, okulaphoke abathola khona usizo lokulashwa amanxeba. Amaphoyisa athole isibhamu sohlobo lwe 9mm ingenazinhlamvu endaweni yesigameko,nayoke amaphoyisa azosebenza ngayo uma eseqhubeka nophenyo lwawo.

Amaphoyisa anxusa ukuthi uma kukhona ongaba nolwazi ngalesisenzo noma emazi umsolwa ephuthume esteshini samaphoyisa Calcutta,afike efune umphathi siteshi uLieutenant Colonel Sikhumbuzo Ceko enambeni ethi 082 922 9902 noma efonele eyamaphoyisa 08600 10111.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *