Udokotela DR Jameel Desai,utholakale emasimini ombila phakathi kwamabili ebusuku kodwa imoto yona ayikatholakali. Lodokotela umiswe amadoda amahlanu abeshayela iveni eliyidouble cab ebinelambu elibuhlaza lamaphoyisa kwathi abathathu kulamadoda amahlanu befake umfaniswano wamaphoyisa ephelele.
Amadoda amabili lana abengawufakile umganiswano wabakwasidlodlo iwona abemkhombe ngenjumbane emyisa emshinini wokukhipha imali(ATM). Namanjeke bekungakaziwa inani lemali abayikhiphile ebhange likadokotela ngeskhathi bemkhiphisa amali.
Lodokotela kubikwa ukuthi uvinjwe emgwaqeni uN3 eduze neVoosloorus.Lapho ebesemgwaqeni esuka KwaZulu-Natal edolobheni iNewcastle elibangise eGoli. Kubikwa ukuthi lesigameko asiqali ukwenzeka kuleyandawo ngoba khona nomunye umndeni abawuthumba kuwo lomgwaqo lapho baze bagwaza umshayeli wemoto. Nawo lowomndeni wagcina utholakele.
Lesgameko sezimoto ezifaka amalabhu abuhlaza kubikwa ukuthi sesiyinsakavukela umchilo wesdwaba phakathi kweHeidelburg nase Goli kulezinyanga ezedlule .