Ngokomthetho sisekelo wezwe laseNingizimu Afrika uthi owuMongameli wezwe iyena onelungelo lokumemezela usuku lokhetho, ingakhoke uMongameli Cyril Ramaphosa esebenzise isigaba 49(2) kumthetho sisekelo wase Ningizimu Afrika, wafunda nesgaba 17 kusomqulu wokhetho ka 1998, wakhetha umhlaka 19 Nhlaba 2024 njengosuku lokhetho kulelizwe. 2024 uzobe unokhetho lukazwelonke kanye nokhetho lezifunda.
uMongameli ubuye wagxila esigabeni17(2) somqulu wokhetho u73 ka 1998, waphinde waxhumana nabaphathi bokhetho abazimele kuleli okuyi IEC wayazisa ngosuku lokhetho. Ube eseqhubekela phambili uMongameli waba nomhlangano noNdunankulu azozonke iZifundazwe zakulelizwe zosishiyagalolinye kanye noIEC bebhunga ngendaba yamalungiselelo okhetho lukazwelonke.
Lolukhetho luka 2024 luqondane nalapho izwe laseNingizimu Afrika iyobe ibungaza iminyaka engamashumi amathathu yathola inkululeko kanye nentando yeningi. Ingakhoke uMongameli enxuse ukuthi akuphume nesinedolo kulokhu siyovota ukuze umuntu nomuntu ezozwakalisa ilaka lakhe ngevoti, ngoba phela izwe liyobe ligubha indlela ende esihanjiwe selokhu kwatholakala inkululeko kanye nentando yeningi kulelizwe.