IKHEHLA ELINA68 UBUDALA LIGWETSHIWE NGECALA LOKUDLWENGULA INGANE EMINYAKA EYI 7.

Inkantolo yesifunda eGroblersdal, Polokwane igwebe indoda eneminyaka eyishumi nesithuphanesishiyagalombili 68 igwetshwe iminaka engamashumi amabili 20 ebhadla ejele ngecala lokudlwendula umzukulu wakhe oneminyaka eyisikhombisa 7. Inkantolo itsheliwe ukuthi lomshophi wenzeka kuNdasa 2023, lomkhulu wayelinda unina wengane ukuthi aphume ekhaya bese liya embhedeni wendodakazi la kulele khona umzukulu walo lifike limunukubezele khona.

Lesgameko kubukwa ukuthi senzeka amahlandla amaningi nje impela igxegu lizitika ngengane encane, kwaze kwaba ukuthi ingane ibikela unina wayo ngalesigameko, wabe eseyiphuthumisa kudokotela ukuyoyhlola umonakalo. Uthe mebuya kwadokotela yawa kwabomthetho nalaphoke esafika khona ezakwadalawane zamgaxa amasongo kasgonyela umkhulu, wabe esevulelwa icala lokunukubeza umntwana.

Lelicala beliphethwe umseshi saytsheni Pebetse Maile waseGroblersdal, ongaphansi kwesigungu esibheke ukuhlukumezwa kwemindeni,ukuvikela abantwana kanye nokuhlukumezwa ngokoncansi. Umsolwa wanikezwa ibheyili emva kukuthi egqigqe enkantolo izikhathi eziningi efuna ibheyili khonamhla enkantolo yesifunda yase Groblersdal.

Okuthe ngomhla ziyi19 kuNhlolanja 2024, usolwa lo ongumkhulu wengane wagwetshwa iminyaka engamashumi amabili ebhadla ejele. ukhomisina wesifundazwe eLimpompo uLieutenent General Thembi Hadebe usishayele elikhulu ihlobe isigwebe,waphinde wancoma abaseshi becala ngokukwazi ukuqoqa bonke ubufakazi obukwazile ukuvalela umkhulu ejele. Uphinde wagqugquzela ukuth amaphoyisa eqhubeke nokwenza umsebenzi wawo omuhle.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *