UGQOGQOSHE WAMAPHOYISA USETHEMBISE NGOKWANDISA AMAPHOYISA EGOLI KULANDELA ISIGAMEKO SEZIGEBENGU EZIBAMBA INKUNZI PHAKATHI EMGWAQENI NGESKHATHI SESIMINYAMINYA.

Ubugebengu obenzeke eGoli namhlanje emgwaqeni M1 North, lapho imigulukudu ivele yaphuma emotweni yayo ngeskhathi sesiminyaminya sasekuseni baphuca abantu izinto zabo.Leso sigameko sishiye wonke umuntu ezibuza ngokuphepha kwemphakathi lana eNingizimu Afrika ngoba sekuyikwamachangca ezigebegwini, zinjalo zihlome ziyizingovolo.

Ukhomishina wamaphoyisa ezweni lonke uGeneral Fani Maselemola usethembise ukuthi uzokwandisa isibalo samaphoyisa ozogada kulezindawo eziyisisulu. Wathi uzofaka nezinsiza kusebenza kuyo yonke imigwaqo emikhulu efifundazweni saseGauteng,kanye namaqhinga okuthi kubhekwe ikakhukazi ngezikhathi zesiminyaminya emigwaqeni. Amaphoyisa azokwehla enyuka epatrola emigwaqeni, amanye azohamba ngendiza kanye neFlying Squad yaseGauteng izobe iphimile ukuqapha isimo.

Lesithombe ebesishuthwe ekuseni esigcwele ezinkundleni zokuxhumana, lamaqola ebamba abantu yiso esenze umphathi wamaphoyisa esukumele phezulu ukuletha usizo.

Manje nyambama asikho isgameko esesibikiwe mayelana nobugebengu obufana nobasekuseni. Amaphoyisa agqugquzela ukuthi wonke ozithola esehlelwa ilomshophi,abe isisulu salemgulukudu engafonela amaphooyisa aphakathi eGoli, lapho akazothola umphathi siteshi kulenombolo 0823325016 ukuze kuzoba lula ukuth amaphoyisa esheshe ezame ukukusiza.

Kubanjwe umhlangano phalathi kwamaphoyisa kahulumeni, amaphoyisa edolobha kanye nezinye izikhungo zokuqinisa umthetho ukuze kutholakale isisombululo ukuthi lento eyenzeke namhlanje ekuseni ingaphinde yenzeke. Kuyimanje iqembu lamaphoyisa alandela umkhondo agcwele izintaba athungatha labasolwa abenze lesisenzo ekuseni.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *