IMoroka Swallows isikhiphe isitatimende sokugqabuka kwegoda phakathi kwayo nomqeqeshi uSteve Kompela, lomqeqeshi akabanga nesizini enhle ezinyonini zaseDube njengoba emidlalweni eyishumi unqobe emibili kuphela kwathi emithathu wadlala ngokulingana lena eminyeke emihlanu wakhala ngaphansi. Lapho sobalula nomdlalo obungalempelasonto lapho iMoroka Swallows bidlala khona nePolokwane City nakuwo lowomdlalo ebiwudlalela ekhaya eDobsonville iphinde yaguqa ngegoli elilodwa elivalelwe M S Ramabu ngomzuzu wamashumi amahlanu nesishiyagalombili 58,nekwilona nqaku elifake usawoti esilondeni kubaphathi bezinyoni.
Incwadi bithi ” iMoroka Swallows FC kanye noMqeqeshi Stive Kompela bafike esivumelwaneni sokuthi behlukane ngezindlela. Lesnqumo siqhamuke emva kwezinxoxo ezijulile ababe nazo nomqeqeshi, ukulapho kugcinwe kufinyelelwa kwisivumelwano sokuthi kuyoba kuhle kakhulu uma bobabili iqembu nomqeqeshi uStive behlukana, bengabe besasebenzisana. Kodwa kuzoqhubeka ukuhloniphana kulezi nhlangothi zombili, njengoba besamukela bonke isnqumo sokuthi behlukane.”
Iqembu limfisela konke okuhle umqeqeshi uStuve Kompela, limfisela nekusasa eliqhakazile kanti futhi libonga kakhulu ngesandla akasifakile eqenjini. Naye umqeqeshi ube esedlulisa ukubonga kulo iqembu lezinyoni zaseDube.