Ishanela yasesifundazweni iGauteng ibambisene nezinye iziphathi mthetho ithi isebenze ngokukhulu ukizikhandla ukuhlanza nokukhuculula konke ukuncola okusemgwaqeni yakulesifundazwe,ngoba ikwazile ukubopha abasolwa aba1100 ngenxa yenxanxathela yamacala anhlobonhlobo kulesifundazwe.
Lelibutho labakwasidlodlo obeluphume umkhankaso wokulwa nobelelesi obugcwele kulesifunda,njengoba benze umbimbi neminye imikhakha yezomthetho ehlanganisa amaPhoyisa edolobha (Metro Police), umnyango wezokuthutha (Department of Traffic), umnyango Wezasekhaya (Department of Home Affairs), Umnyango wezokuphepha komphakathi(Department of Community Safety),Abaqapha ubugebengu eziNdaweni(Crime Prevention Wardens),Amaforamu Omphakathi ( Community Police Forum), kanye nezinkampani zonogada ezizimele ( Private Security Companies) lapho bebehlangene kuyo yomhlanu imikhandlu esesifundazweni.
Lomkhankaso ubusebenza ngezindlela ezahlukakhukene kubalwa ukuvalwa kwemigwaqo, ukumiswa useshwe, ukuya ezindaweni zotshwala kufunwe imvume yokubudayisa,abadiyisa amasekeni ezinto ezinhlobonhlobo,ukubheka izimoto ukuthi zisabela nomnikazi yini uma zibizwa emoyeni kanye nokuhamba bepatrola.
Kuloluphenyo bathole izindawo ezingamashumi amabili 20 ezingenawo amaphepha azigunyaza ukuba zidayise izinkamba zikafaro zibe sezivalwa kanjalo, kwase kuthathwa utshwala.
Kulabantu abayi1100 ababoshiwe, abanga910 bekuvele kungabasolwa abebekade befuneka vele ngoba abaseshi bamacala uvele umsebenzi wabo walula kakhulu esifundazweni sonkana.
Abanye abasolwa abebeboshiwe sebededelwe emva kokhuthi bikwazile ukukhokhela izijeziso zamacala abo, kodwa abanye kusalindeleke ukuthi beyobingelela imantshi enkantolo okuyinto ezoba namhlanje ngoba phela eyenzeki ngempela sonto.