BASEGUMBINI LABAGULA KAKHULU ESIBHEDLELA (ICU) ABAPHUZISWE UPETROLI BASE BEYASHISWA KUSOLWA ISALIWA SESHENDE.

Sekwenzeke ingozi enyantisa igazi lapho ababili besifazane okungu Mariska Davids oneminyaka engamashumi amathathu 30 ubudala beno Zakkiyah Raymond’s yena onamashumi amathathu nesishiyagalombili 38 bezithola besesimeni esinzima lapho belwela impilo yabo esbhedlela, emva kokudluliselwa egumbini labagula kakhulu (ICU). Lempicabadala yenhlekelele yenzeke ngempela sonto endaweni yase Florida ese West Rand.

Ngokwemiboko kunezinsolo zokuthi lengozi yokulimaza ngesihluku, yenziwe owayeyisoka woyedwa kulezintokazi,namanje bekungakaboshwa muntu ngalesigameko. Nakhon lokho osekunyuse izikhalazo kubantu bomthetho ngokuhluleka ukuthola umenzi wokubi.

Mariska David and Zakkyah Raymond bobabili bamsulwa yize bezithole sebevelelwa ilomshophi,wokuzithola sebehleli esibhedlela belwela impiloyabo kanye nokupholisa izibazi zomlilo osekuyothatha iskhathi ukuth ziphele njengoba beshe umzimba wonke. Imindeni yabo, izihlobo kanye nabangani babaseka kakhulu kuleskhathi sabo sobunzima, babonakala bebalethela imikhuleko kanye nokubaseka kakhulu kwabakudingayo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *