AVALE UMGWAQO AMAPHOYISA EBOPHA IZIMOTO EZINGENAMVUMEE YOKUBA EMGWAQENI

Namhlanje amaphoyisa akwaMashu,iNanda,Ntuzuma kanye neNewlands East ahlangane ndawonye kusuka ekuseni ngehora leshumi kwaze kwaba ntambama ngehora lesibili,lapho bephume umkhankaso wokubopha izimoto ezingenayo imvume yokuba semgwaqeni. Kulomkhankaso obuwenziwa ngaphansi kwesizinda saseThekwini nalapho bebe bambisene nawo amaphoyisa omkhandlu weTheku, bekukhona noMnyango WEzasekhaya nababhekele ubugebengu endaweni. Inhloso nqangi yalomkhankso bekuwukususa kuphindwe kuhlawuliswe izimoto, ezingabhalisile ngokugcwele kwasemgwaqeni nezihamba ngaphandle kwepleti eliveza izinamba zokubhaliswa kayo imoto ngaphambili nangemuva.

Zonke lezimoto ezibhekiwe kuhanjelwa izindawo ezahlukene okubalwa khona indawo yaseNanda, Ntuzuma,Kwamashu kanye naseNewlands East. Lomkhankaso uhambe nezithelo ezinhle njengoba Izimoto ezingamashumi amane ziye zabanjwe zaphinde zahlawuliswa inhlawulo eqala kumakhulu amahlanu kuya kwinkulungwane, ngokuthi besebenzise imigwaqo yomphakathi ngaphandle kwamapleti ezinombolo zokubhaliselwa ubulunga bemoto. Kuwo lomkhankaso ngokuqhubeka kwawo osukwini kuphume izincwadi zokubopha eziyishumi nambile, obekungabantu asebekweleta kakhulu umkhandlu ngamacala asemgwaqeni anhlobonhlobo.

Ukhomishina esiyingini saseThekwini uMajor General Makhosazana Victoria Kheswa ubeke kanje ”Izigebengu eziningi zisebenzisa izimotho ezingenayo amapleti ezinombolo,ukuze uma zenza ubugebengu ngungabi lula ukuzilandelela. Sizoqinisekisake ukuthi asilivezi elomhlathi ukuze lezenzo zizophela, imoto engenalo ipleti lezinombolo elibonakalayo futhi eligqamile sizoyibopha ngoba usho umthetho kazwelonke wezomgwaqo kulelize. Ngakhoke siluleka bonke abashayeli ukuthi beqikelele ukuthi izimotozabo zimi ngomumo yini,

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *