SEKUQHUNYISE IMOTO YEMALI EMANDELA VILLAGE ESEHAMMANSKRAAL.

Izinswelaboya seziqhumise imoto yemali, eMandela Village eseHammanskraal okwindawo eseduze kakhulu nomgwaqo uN1,osekuyinsakavukela umchilo wesdwaba kuwo ukudunwa kwezimoto ezithwala imali(Cash-in-Transit). Lesigameka senzeke namhlanje 14 Nhlolanja 2024 ngezikhathi zasekuseni,lokho osekushiye umphakathi walendawo ushaqekile kanye nabaphathi mthetho bebambe ongezansi.

Kusolakala ukuthi lemigulukudu ibiyilandela lemoto ethwala imali bayivimba bafaka iziqhumane,bayqhumisa bathatha leyomali okungakacaci noma bakwazile yini ukubaleka nayo. Lokuqhuma sekudale ingebhe enkulu emphakathini,okuyimanje basabanjwe itwetwe .Sona lesgameko sishiye abaningi besovalweni bezibuza nemibuzo ngokuphepha kwezimpilo zabo uma imigulukudu ivele iqhumise iziqhumane kalula eduze kwemiphakathi.

Emva kokuqhuma nokushunqa kwentuthu yeziqhumane imoto yemali isale kanjalo, kuyilapho iphelile iziqhumane zivele zayishoya imanaphanapha. Abalungu onogada abaqapha imali okuyibona ababanjwe ilababhemu , abashiye belimele okuyimanje kuyambula kuyebheswa ezibhedlela kunakekelwa impilo yabo ukuth begcine bemphosile umbalane.

Ezokuphepha ziphuthume endaweni yesigameko ukuyonika usizo lokuqala onogada abalimale kabuhlungu ngeskhathi imigulukudu iduna imoto. Abezimo eziphuthumayo basebenze ngokukhulu ukuzikhandla ukubaphuthumisa esbhedlela nakhona akekho osekubikwe ukuthi ngabe uselishiyile elimagade ahlabayo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *