SEKUBOSHWE ABAYISITHUPHA ECENTURION NGAMACALA OKUSHUSHUMBISA IZIDAKAMIZWA NABANTU.

Uphiko lwamaphoyiya namhlanje ekseni ahlanganile enza uphenyo emabhilodini asilakala ngokudayisa izidakamizwa kanye nokushushumbiswa kwabantu ngenhloso yokubadayisisa izidakamizwa,kanye nokubafake kwezinye izinhlobo ezahlukene zobugebengu obuqhubekayo kulezindawo.

Nalapho athe mengena kulezindawo abevele ezihlosile ngokulunywa indlebe ngobugebengu obuqhubekayo kuleyandawo, nebula azithwle phezu kwezidlobongela ezenza ubugebengu obuningi kubalwa ukungena ngokungemthetho ezakhiweni,ukudayisa izidakamizwa,ukushushumbisa abantu nokubamba inkunzi emigwaqeni ehlukahlukene yakuleli.

Luthe maluqhubeka uphenyo kulezinyawo kwatholakala ezinye izimoto ezebiwe kanye nezindawo okuhlalwa kuzo ngokubgemthetho nezidakamizwa eziningi ezinhlobonhlobo ezingadayisa isigidi samarandi R1m ngenani lasemgwaqeni. Kulo lolo phenyo kutholakale ukuthi kubo laba bokufika kulelizwe ababoshiwe, abanye babo bebeshushumbiswa ngenhloso yokuzodayisiswa izodakamizwa kulelizwe nokwenziswa ezinye izinto eziphambene nomthetho khona lapha eCenturion.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *