UNgqongqoshe wezokubambisana kwamazwe useveze ukusabela ukuphepha kwempilo yakhe kanye neyomndeni wakhe akusola izingede zakwaIsrayeli,ngokumsendela amagama ayiziswani nalapho bemthembisa ngokumyisa kwagoqanyawo uma eqhubeka nokulwela izwe lasePalistani okwiyilona abalishayayo laba bakwaSrayeli. Emva kwalezinsongo uPandor senxuse uNgqongqoshe wamaPoyisa uBheki Cele ukuthi emqinisele ezokuphepha.
Pander uthola amazondo nje kulandela ukuphumela obala kwakhe egxeka bonke ubudlobongela obenziwa yizwe lakwa Israyeli eGaza, njengoba izwe lase Ningizimu Afrika lamangalela elakwa Israyeli enkantolo enkulu emhlabeni eyaziwa nge International Court of Justice(ICJ) ngamacala okubulala izinkumbi zabantu abangenacala kanye nezingane ezincane. Pandor watshela izintatheli nge Sona ukuthi uxoxile noCele mayelana nokuphepha kwakhe kanye nomndeni wakhe. ” Ngikhulumile no Ngqongqoshe uCele ngenxa yemiyalezo engiyitholayo, ngithembake ukuthi kuzobancono ngizoqiniselwa ezokuphe. Into engikhathaza kakhulu ukuphepha komndeni wami ngoba ezinkundleni zokuxhumana baze bebale ngisho izingane zami,”kubeka uPandor.
“Izinhloli zakwaIsrayeli, nezingede zakhona vele zisebenza kanjalo,uma befuna ukukuphazamisa ukuze ungalokhu ubaxaka ngokubalandela noma ngokubanaka bangena kakhulu ngabantu abaseduze kwakho ukuze bezozuza wena” kuqhuba uPandor.
Ihhovisi lika Cele belingkaphawulike ngesilo sokuvikela uNgqongqoshe kanye nomndeni wakhe kulezitshongo abazitholayo kubantu bakwa Israyeli,kusho okhulumela Pandor uLunga Ngqengelele.