Umcimbi weChunu uqale ngezihibe ekuseni ngoba uthe uyalunga ukuhlelela umcimbi zavele zatheleka ezakwadalawane zahliphiza yonke into bayilayisha emotweni ngenhloso yokunyekisa, kodwa liqhubekile liyaluza lodwa khona epaki yomchimbi iGugu Dlamini lapho ebelikuqinisekisa ukuthi noma kanjani umcimbi ukhona namhlanmje uzokwenzeka. Nebala ekuhambeni kosuku uqhubekile nokuhlela isiteji nalapho amaphoyisa engabanga esamvimba waqhubeka nomcimbi wakhe nabantu bafika ngomuningi babo.
Umfoka Machingwane ukhale kakhulu ngamaphoyisa athi angameva abembamba ngophondo ukuze egcine engawenzanga umcimbi wakhe nalopho akakhale khona ngamaphoyisa akhona eThekwini esteshini iCR Swart nathe ahlangene noJulius Malema ukuze kuvinjwe yena engaqhubeki nomcimbi wakhe. iChunu lithe uma selikhuluma nabantu ebebehambele umcimbi wakhe okuthiwa amabhinca ngoba yena esaziwa ngoMongameli wamabhinca uthe phansi ngeEFF phansi,wathi mele beqaphele kakhulu bengamvoteli uMalema ngoba inkunzi yomgulukudu enjalo ukhohlakele kakhulu nakubake engachazanga ukuth ukhohlakele ngani,waphinde wathi uMalema akananhlonipho futhi uyihlongandlebe kudala edelela abantu abadala ngoba wadelela umntwana wakwaPhindangene, esho owayengundunankulu kaZulu kanye nomholi weqembu leIFP,waphinde wadelela uMsholozi esengumongameli wezwe wabe esezibongela ethi yena ungumshayi wenja igxaze amafinyile. Lapho kubonakale ezinkundleni zokuxhumana izithombe zomholi weEFF uJulius Malema obekhuluma egxaza amafinyila.
Ube impumelelo enkulu umcimbi kaNgizwe ngoba kubonakale nabaculi bakamaskandi befika bezonandisa ikakhulukazi laba abangaconsi kubantu bakuleli kulezinsuku okungoSaliwe othandwa kakhulu ngobunsizwa bakhe nangezingpma zakhe ezinemiyalezo ngoba ufike wadlala le ethi Sithwele amacala obaba kwaduma inhlwele yonke uMfokaNdunakazi enyakazisa inhlwele, nalapho okuthe kusemnandi kudeliwe kwaqhamuka islomo saseMdletsheni esithandwa kakhulu ngomculo waso kanye nangamancoko akhe nokugqugquzela inhlanzeko ezinsizweni nalapho akafike washayo ingoma yakhe enkulu iParis yavele yabashiya behlanya abantu injabulo.