AMAPHOYISA ASEQOQISE UNGIZWE MCHUNU AMASAKANA AKHE ONKE EPAKI IGUGU DLAMINI KULANDELA UKUTHI ICHUNU LIMEMEZELE NGOMCIMBI WALO.

Owayengumsakazi wakwaSABC esteshini uKhozi FM uNgizwe Mlando Mchunu odube ngelikaMongameli wamaBhinca jikelele ubehlele umcimbi wokuvula unyaka wamabhinca ngokusho kwakhe abethe unamhlanje ngoba ziyishumi izinsuku enyangeni kaNhlolanja 10 February 2024. Nalapho abewuqondanisa khona ngamabomu ngoba ehlele ukuphazamisa iqembu EFF eholwa uJulius Malema ngoba kuke kwaba khona ukungezwani kwabo ngemibono. Ezakwasidlodlo zigasele epaki iGugu Dlamini namhlanje ekuseni besathi baxhuma amatende abo oMacingwane nalapho alike amqoqisa athi ngeke ebe namcimbi,kuymanje nje ipaki ibhekwe ngeso lokhozi abakwasidlodlo abavimbela ukuqhubeka kwalomcimbi. IChunu lona lithi bayadlala abathi bazolivimba umcimbi usazoqhubeka njengoba lihlele yonke into ngendlela yalo.

Lonke loludweshu lwaqala mhla uNgizwe ekhuluma exinkundleni zokuxhumana ngendlela eyatshengisa ukucwasa ngokobuhlanga nalapho okusolwa ukuthi ubuholi obuphezulu beqembu leEFF labe selimthathela izinyathelo ezinqala nalokho okwenza agcine eselahlekelwa abaxhasi ngoba bese uMacingwane aziwa ngenxusa lakwa Jac Motors nalapho okwagqabuka khona ucu phakathi kwabo bobabili. Wazwakala ekhala umfokanhliziyo zogoba ngeqembu leEFF alisola ngokuthi limuphuce iqatha emlonyeni ngoba lambalela abanikazi bemoto bathi akaphucwe.

IChunu labe selibuyela nalo ezinkundleni lathe umcimbi waleliqembu uyoqhubeka efile,ilaphoke naye egcine esehlela umcimbi wakhe wawuqondanisa nosuku lomkhankaso weEFF enkundleni iMoses Mabhida ngenhloso yokuphazamisa,ukuyintoke engenzekanga ngoba abakwasidlodlo sebemchithe ngengalo enamandla ukuthi equbeke nomcimbi wakhe.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *