Amaphoyisa akwaZulu-Natal asekwazile ukubopha inkabi esolwa namacala okuqotha abantu abahlanu ngenhlamvu kanye nababili abasinda ngokulambisa mzukwana ebahlasela oThongathi enyangeni kaNbasa ngonyaka odlule.
Kubikwa ukuthi amadoda amabili adutshulwa abulawa esemotweni yawo emgwaqeni Gopallal osenkabeni yedolobha uThongathi elisenyakatho yeTheku,kanti ebangeni elifishane ukusuka kuleso sigameko kwase kubulewe onogada abathathu nabo besemotweni yabo. Labonogada kubikwa ukuthi babegada usihlalo kasoseshini wamakhumbi khona oThongathi. Abanye abantu bathola amanxeba okudutshulwa kodwa basinda. Lokho okwenza ukuth uphiko lwamaphoyisa abhekele izimpi nodlame lwamakhumbi esifundazweni esebenze ngokukhulu ukuzikhandla ukuthola umkhondo walombulali ongenanembeza, okuthe izinsuku ziyiskhombisa kuMasingana kuwo lonyaka (07 January 2024) bayibhadama lensizwa lapho ebicashe eManguzi khona ogama layo nguSphelele Gumede oneminyaka engamashumi amabili nane 24 ubudala.
Umsolwa ube esevela enkantolo yaseVerulam izolo insuku ziyisishiyagalombili endangering kaNhlolanja 08 February 2024 lapho inkantolo imunqabele ibheyili, lokho kusho ukuthi usazohlala ezikhindini ngoba icala lobuyela eNkantolo mhlaziyishuminambili kuNdasa 12 March 2024 kuwo lonyaka.