Insizwa engusomahlaya,iphinde ibe umethuli wezinhlelo kumabonakude uTrevor Noah oneminyaka engamashumi amathathu nesishiyagalolunye 39 yalana eNingizimu Africa isizuze ithuba lokuba umethuli wohlelo lokukomelisa abasuke benzene kahle emkhakheni eyehlukene kwezikaqedisizungu olwaziwa ngeGrammy Awards izigaba e-zine kulandelana ngoba phela waqala ngonyaka 2021,2022,2023 ngoba nakulona ka2024 kuphinde kwabuya yena umfoka Noah.
Kuyaziwa ukuthi lemuklomelo ingemikhulu kakhulu emhlabeni wonke jikelele, futhi iphinde iqophe omunye umlando wokuba ngemuny emdala kakhulu yangulwa ngoba nje kulonyaka bekuwumcimbi weminyaka engamashumi ayisithupha nesthupha aba khona (66th Grammy Awards). Ukubuya kwalensizwa uTrevor Noah kuveza ukuzimisela kwakhe emsebenzini wakhe,kanye nokungaconsi kwakhe phansi kubantu abaningi ezwenikazi jikelele.