Kushaqise abaningi ukudlula emhlabeni kwentokazi uPoonam Pandey obeseneminyaka engamashumi amathathu nambili kube sekuba khona ukudideka ngoba izindaba ezimputshukile zithi udlule ngolwesine nakuba ubuye wabonakala ezinkundleni zokuxhumana ezivezile kodwake umphathi wakhe ube esukuqinisa ukudlula kwakhe emhlabeni ngolwesihlanu nalapho obike khona ukuthi imbangela yokushona kwakhe bekuwumdlavuza wesibeletho.
Noma namanje kungakaqondakali okwenzekayo kahle kahle ngoba nakhona namhlanje kuma akhawunti wakhe ezinkundla zokuxhumana uphinde wabika ukuth yena usadla anhlamvana, nalokhoke okufaka abantu abaningi ukudideka ngoba nomndeni wakhe awukaphumeli obala uphawule ukuth kwenzakalani ngale nkosazane. Abantu abebephawula abaphathi bakhe ngokomsebenzi, into egcina ishiya abalandeli bakhe nabanye osaziwayo beshaqekile ngoba abakwazi okuyikhona kuyikhona.
Umphathi wale ntokazi okungu Nikita Sharma uthe lentokazi bisebenza ngokukhulu ukuzikhandla nakuba isimo sakhe sempilo besesingesihle kodwa bezinikela emsebenzini. Owumthombo othembekile uzamile ukuxhumana nabomndeni ukuze ethole udaba oluphelele ngokudlula emhlabeni kwalentokazi kodwa akekho noyedwa abamtholile ezincingweni zabo nalapho akabalule khona ukuthi uzame nokufonela udade wayo lentokazi kodwa kwanhlanga zimuka nomoya ngoba izingcingo zakhe bezivaliwe engatholwa nangokhalo. Kuze kube imanjeke kusalindwe umndeni ukuth ukhiphe izindaba ezigcwele ngokwenzekayo mayelana nalentokazi uPoonam Pandey.