Iqembu lesizwe lase Angola lihluleke lancama ukukhava abafana baseNigeria abadume ngamaSuper Eagles njengoba bethole inqaku esihombeni sokuqala sesiyophela emzuzwini wamashumi amane nanye elivalelwe enethini insizwa A Lookman esencane edlala eqembini elikhulu ezweni lamantaliyane okuyi Antalanta ngokusizwa uzakwabo uM Simon. Lomdlalo budlala ngehora lesikhombisa kusihlwa.
Uma sibheka umlando walamaqembu womabili uma ebhekene kuyavela ukuth elase Angola lagcina ngonyaka ka 2004 ukunqoba labafana bama Super Eagles, kanti bona bakwazi ukunqoba ngonyaka ka 2018 sekudlala esgabeni semzuzu eyengeziwe (extra time) kumqhudelwano iAfrican Nations Championship esgabeni samanqamu.
Komunye umdlalo obukhona odlale ngehora leshumi DR Congo ivele yazidlela amahlanga ngoba iphumelele ngamanqaku amathathu kwelilodwa lapho ibibhekene khona nezwe laseGuinea nalapho okuvule lona lelizwe ngephenathi abayithole ngomzuzu wamashumi amabili yavalelwa enethini uMohamed Bayo, leso senzo siveze ukuth sebezele basukela amalakazane ngoba abafana baseDR Congo babuye kwangathi babaselwe ngomlilo ngoma ngomzuzu wamashumi amabili neskhombisa uChancel Mbemba ubuye negoli lokulinganisa. Lokho kubanike ithuba lokuphefumula abafana base Congo ngoba kuze kwayiwa ekhefini zibambene kanjalo.
Zithe mazibuya ekhefini iDR Congo yaqhubeka nomgqiqgo wayo omuhle obutshengisa ukuthi balangazelele impumelelo kulomdlalo, lokho okuholele ekutheni iGuinea yenze iphutha eligcine libekwa emlotheni ngomzuzu wamashumi ayisthupha nanhlanu leyo phenathi evalelwe phakathi uYoane Wissa. okuthe umdlalo usudonsela emaphethelweni ngomzuzu wamashumi ayisishiyagalombile nambili zabethela ispikili sokugcina izinsizwa zaseDR Congo ngenqaku elize noArthur Masuaku nalophoke abatshengise ngokusobala ukuth sebedlulele esgabeni sokwandulela owamanqamu.