INkantolo eNkulu yaseNingizimu Afrika ehlezi eMbombela namuhla igwebe umbulali uClara Masinga (37), ongowokudabuka eMozambique, iminyaka engu-23’ ebhadla ejele ngecala lokubulala ngesihluku indodakazi yakhe yokutholwa, uJennifer Gumbi (11). UMasinga ulivumile icala lokubulala ehlosile wagwetshwa ngokufanele.
UMasinga ubethandana noyise kamufi, uRodgers Gumbi, ehlala naye KwaMhlushwa, ePhosaville Section, esifundeni saseMalelane.
Mhla zingama-21 kuNdasa wezi-2015, uMasinga wathumela umngane kamufi ukuba amlande ekhaya ngesikhathi elinde buqamama. Lapho amantombazane ebuya, uMasinga wacela uJennifer ukuba amphelezele baye emzini wakhe, ethi umuntu amaziyo ufisa ukumthengela izingubo.
Lapho efika, uMasinga wafonela owayehambisana naye, owasala nengane ngesikhathi eya esitolo esiseduze eyothenga u-ayisikhilimu noshevu wamagundane (Rattex).
UMasinga nozakwabo babe sebechoboza ushevu bawuxuba no-ayisikhilimu ngaphambi kokuwunikeza ingane.
Kamuva uJennifer washona ngemva kokudla u-ayisikhilimu onoshevu, isidumbu sakhe esingaphili satholwa silahlwe emgodini ongashoni eduze nomfula iMlumati. Uphenyo olunzulu lwamaphoyisa luholele ekuboshweni kukaMasinga.
Enkantolo uMasinga uvumile ukuthi ukuziphatha kwakhe akukho emthethweni futhi kunesijeziso somthetho. Ungene esivumelwaneni seSigaba 105A sokuvuma icala nesigwebo noMbuso, esamukelwa. Esitatimendeni sakhe sokuncenga, uveze ukuthi inhloso yakhe yokubulala ingane wukuhlukumeza umama ozala isisulu.
Ngesikhathi kuqhubeka ukuqulwa kwecala, u-Advocate woMbuso uSenzo Zindela uthe ummangalelwa wabulala ingane engenacala ethonywe omunye umuntu waphinde wangcolisa isidumbu ngokuthela amanzi abilisiwe ukuze aqinisekise ukuthi lolu hlelo luyaphumelela. Unxuse inkantolo ukuthi ikhiphe isigwebo esikhombisa ubunzima becala.
Ngesikhathi ethula lesi sigwebo, iJaji uVukeya ligxeke ukwanda kwezigameko zodlame lwasekhaya nokubulawa kwabesifazane nezingane eNingizimu Afrika. IJaji liphawule ukuthi ummangalelwa wabulala ingane engenacala ngenxa yokuzonda umama nokuthi asikho isigwebo esingabuyisela impilo elahlekile. Kodwa-ke, inkantolo ithole ukuthi izimo eziphoqelelayo zikhona zokuchezuka esigwetshweni esincane esinqunyiwe futhi ngenxa yalokho yabeka iminyaka engu-23’ ukuboshwa okuqondile. Umsolwa uphinde kwathiwa akakufanele ukuba nesibhamu.