UYINQABILE IBHEYILI UMAMA OWADAYISA NGENGANE YAKHE.

UKeneiwe Shalaba (32) obhekene namacala okushushumbisa abantu, ukwakha itulo lokugebenga, nokunikeza amaphoyisa imininingwane engamanga usilahlile isicelo sakhe sebheyili eNkantolo yeMantshi yaseVanderbijlpark.
La macala aqhamuka ezinsolweni zokuthi lo wesifazane wathengisa indodana yakhe eneminyaka emibili kubantu abangaziwa ngomhlaka-10 Novemba 2024. Ezinsukwini ezintathu kamuva, ngomhlaka-13 Novemba 2024, wabikela amaphoyisa icala elingamanga, ethi ingane yakhe ithunjwe amadoda angaziwa emotweni.

Uphenyo lwembula ukungqubuzana ku-akhawunti yakhe, futhi kamuva wavuma ukuthi nguye owasungula indaba yokuthumba. Waboshwa ngomhlaka-19 Novemba 2024 futhi usagqunywe esitokisini kusukela lapho. Naphezu kwemizamo eminingi yamaphoyisa, indawo yomfana oneminyaka emibili ubudala ayikaziwa
Uphenyo lokumthola nokuletha abathintekayo enkantolo lusaqhubeka.

Ngesikhathi evela, udaba luhlehliselwe umhla zingama-27 kuMasingana wezi-2025, ukuze kuqhutshekwe nophenyo. Umsolwa ugcinwe esitokisini kuze kube yileso sikhathi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *