Uvele enkantolo kaMantshi yase Bloemfontein owokufika ongenamvume yokuba kuleli waseLesotho ngecala lokudubula ebulale abesifazane ababili ngeka ka R400 kanye nesphuzo seSavanna eNamibia Square.
Zombili lezisulu kukholwakala ukuthi zisemnyakeni engamashumi amabili (20s) kuyaphezulu, batholwe benamanxeba okudutshulwa esphundu.
UMaliehe Maliehi (34) odabuka ezweni laseLesotho, uvele enkantolo kaMantshi yase Bloemfontein izolo ngoLwesibili lomhlaka 10 kuNhlolanja, ngokuyamaniswa necala lokubulala abesifazane ababili eNamibia square, eBloemfontein. Lesgameko senzeka ngeSonto mhla zi8 kuNhlolanja, lomsolwa uzobhekana nenqwaba yamacala abucayi.
Maliehi ukewaboshwa ngaphambilini nabanye abangani bakhe abane emva kokuthi amalunga omphakathi alekelele amaphoyisa ngolwazi olwaholela ekutheni beboshwe. Wabonakala ephuma endaweni yokucima ukoma nabesifazane ababili okuthe ekuhambeni kwesikhathi batholakala sebeshonile. Bobabili laba abashonile kukholwakala ukuthi basemnyakeni elinganiselwa emashumini amabili kuya phezulu, nababe sebetholakala sebeshonile benamanxeba okudutshulwa esiphundu.
Okhulumela amaphoyisa usayitsheni mahlomola Kareli uthe amaphoyisa aseBloemsprit beqhuba ukubhekabheka endaweni yaseNamibia square nalapho athuke esehlangana nezidumbu zidindilizile. Abezimo eziphuthumayo bahlonje lezidumbu zabesifazene njengabantu abashinele khona endaweni yesigameko. Omunye umgilwa befake ibhulukwe lejini elibuhlaza nejakhethi ebuhluza evala ikhanda kanti lomunye befake ijakhethi ebuhlaza nebhulukwe lejini elimunyama.
UKareli ujobelele ngokuthi lesgameko sokutholakalwa kwabantu bedindilizile silama esinye isigameko esenzeke ngeSabatha, mhla zi-7 kuNhlolanja, nalapho kutholakale isidumbu sowesifazane ongakadalulwa igama kodwa ulunganiselwa eminyakeni engamashumi amathathu naye utholakale emgwaqeni uMeadowsenenxeba lokudutshulwa ekhanda.
Maliehi uzobgekana namacala amabili okubulala, nokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni necala lokuba kwelinye izwe ngokungemthetho. Lelicala libe selihlehliselwa umhla ziyi- 17 kuNhlolanja