UTHEMBINKOSI LORCH USEHLUKENE NONATASHA

Sekuvele ukuthi umdlali webhola uThembinkosi Lorch usehlukene nesnqandamathe sakhe esiphinde sibe umama wengane yakhe lomdlali webhola uNatasha Thahane. ULorch usanda kushiya abalandeli bebhola ikakhukazi be Orlando Pirates eya kuMamelodi Sundowns.

Sekubonakale ekhasini le instragremu likaNatasha Thahane ongumlingisi wemidlalo yeshashalazi nakumabona kude lapho ebhale ukuthi yena noThembinkosi Lorch bazikhethele ukuthi bahlukane ngezindlela zikamathandlana, kodwa basazoqhubeka bebe abangani bephinde bebambisane ngokukhulisa umntwana nakuba sebehlukele. Nalapho akathe yena usebheke phambili nokuphila impilo yakhe entsha.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *