Usezibulele Umlisa Obeziveza Evuma Ukubulala

Owesilisa obevuma ukubulala owesifazane ku-video ezinkundleni zokuxhumana esabalele utholwe elenga esihlahleni ngoLwesithathu ekuseni (18 December 2024), endaweni yaseMalangeni eMzinto, buqamama nalapho abulale khona lo wesifazane.

NgoLwesibili kusihlwa, amaphoyisa aphendule imibiko yokubulawa komuntu emgwaqeni owubhuqu endaweni yaseMalangeni eMzinto lapho kutholwe khona isidumbu sowesifazane oneminyaka engu-25 ubudala sidindilize phakathi nomgwaqo. Isidumbu sakhe ebesigcwele igazi sitholwe sinamanxeba amaningi okugwazwa kwatholakala ummese ophukile eduze kwesidumbu sakhe.

Imibiko iveza ukuthi umsolwa ulande lona wesifazane obeyintombi yakhe emzini wakhe kanti kusolakala ukuthi laba babenengxabano yasekhaya nokwaholela ekubulaweni. Imoto yomsolwa itholwe ishiywe emgwaqeni lapho kutholwe khona isidumbu sowesifazane, kanti igazi ebelisesihlalweni esingaphambili liveze ukuthi umsolwa ubulale owesifazane emotweni yakhe.

Kusheshe kwaqalwa umkhankaso wokuthungatha amaphoyisa okuholele ekutheni kutholakale isidumbu somsolwa ebesilenga esihlahleni okukholakala ukuthi uzibulele. Amaphoyisa aphenya icala lokubulala kanti kuzovulwa nedokodo lophenyo ukuze kuqhutshekwe nophenyo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *