Umphathi wamaphoyisa kwaZulu-Natal Lieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi uthi uyibonile imibiko yabezindaba aphuma ezweni elingumakhelwana wakuleli, eSwazini mayelana namahlebezi ngecala elisaphenwa ngokuboshwa kamadoda amabili kuleliyazwe laseSwazini. Ayamaniswa nokubulala Kinan AKA Forbes kanye noTebello Tibs Motsoane.
ULieutennt General Mkhwanazi ufisa ukuqondisa ngokuthi abasolwa basaphoswa imibuzo kungekudala bazobuyiwsa kulelizwe laseNingizimu Afrika ukuzobhekana necala lokubulala lapho okwadutshulwa khona umgibeli owayesemotweni eBerea mhla zi6 kuNdasa 2023. Umshayeli wemoto yena wakwazi ukusinda ngokuphunyuka ebalekele esteshini sikapetroli eBerea nalapho owacela khona usizo. Loluphenyo lwalelicala lwaqhubeka nalwapho olukhombe ukuthi umkhondo walendela waze afika kwelakwa Ngwane nalapho lamadoda atholakane ecashe khona.
Umphathi wamaphoyisa wesifundazweni udlulise okukhulu ukubonga eziphathimandleni zezwe laseSwazini ngokuzinikela ekulweni nabantu abasuke benze ubugebengu ngalana bese beqa umncele beyobhaca emazweni angomakhelwani,nokusebenza ngokuzikhandla ekutheni bebabophe bese bebaletha ngapha. Khona lapho uMkhwanazi uthi uyakuqonda ukubaluleka kwecala likushona kukaKienan AKA Forbes beno Tebello Tips Motsoane nelithathe abantu amaningi abazimisele ngokuthola ukuthi kuqhubekani ngecala futhi lelicala libhekwe kakhulu abezindaba kulelizwe nasemhlabeni wonke jikelele. Uqhubeke ngokuthi noma yiluphi u ulwazi abalutholayo oluthinta lelicala amaphoyisa akwaZulu-Natal ayobikela imindeni eyalahlekela ngakho konke okuqhubekayo.
Uphenyo mayelana naloludaba lokushona kukaAKA sekusesigabeni esinzima lapho amaphoyisa awazim8sele ngokukhuluma noma kanjani ngoba lokho kukodwa kungaluphazamisa ngisho uphenyo.